UVusimuzi Matlala ubuyela kwiKhomishini kaMadlanga Usomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala ahlukene, uVusimuzi “Cat” Matlala uzobuyela kwiKhomishana kaMadlanga ukuqhubeka ngokwethula ubufakazi ngokuthola kwakhe amathenda, ubudlelwano nezikhulu zikahulumeni nosopolitiki. UMatlala, osolwa ngokuba wungqondongqodo ebugebengwini, uke wavela kule Khomishini phambilini kodwa ubufakazi bakhe kwabuye kwahlehliswa ngenxa yokuthi uhamba izinkantolo ngamacala ahlukene. Usolwa ngokuzama ukubulala usomabhizinisi uJoe “Ferrari” Sibanyoni, owayeyintombi yakhe uTebogo Thobejane noDJ Vettys. Phambilini uMatlala evele kwiKhomishini wavikela ubudlelwano bakhe nawayeyinhloko yoKlebe KwaZulu-Natal uMajor-General Lesetja Senona. Waqinisekisa nokuthi uSenona wamphelezela eyohlangana nomkhuzi wamaphoyisa eKZN, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi. Ubuyela namhlanje nje, kusanda kuputshuka isitatimende sokuvuma amacala enkohlakalo asenza ngethenda kaR360 million ayithola emaphoyiseni. Nokho leso sitatimende wabuye wasihoxisa ngesikhathi inkantolo ichitha isivumelwano sakhe ne-IDAC sokuthi akhiphe ingonyuluka bese ephenduka ufakazi wayo ngethemba lokuthi uzogwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili ejele. Inkantolo yayifuna ukumnika engu-12. Kuleso sitatimende waphumela obala ngowanguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ethi wayefunna amthengele umuzi kaR6 million. UMatlala kulindeleke ukuthi ethule ubufakazi namuhla nakusasa. Emuva kwakhe abanye ofakazi abazobuyela kubalwa kubo uNgqongqoshe wamaPhoyisa osekhefini eliyisipesheli uMnuz Senzo Mchunu, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi nenhloko yezobunhloli emaphoyiseni uLieutenant-General Dumisani Khumalo.
También lo cubren: Isolezwe.
Ver más en News Today