OweDA uzishaya isifuba ngokungenisa kwabo emalokishini

Fuente: Isolezwe (Sudáfrica) · sociedad · Sudáfrica, Sudáfrica

OweDA uzishaya isifuba ngokungenisa kwabo emalokishini

UMHOLI weDA, uMnuz Geordin Hill-Lewis, uzoshaya isifuba ngokungenisa mawala kweqembu lakhe ezindaweni zabantu abamnyama. UHill-Lewis uthe iDA iqophe umlando ngokuthola amavoti angaphezu kuka-1 million emalokishini okhethweni lwangoLwesithathu. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esikhungweni sokumemezela imiphumela yokhetho.  "Lokhu kusho ukuthi ithina esiyiqembu elikhulu elivotelwa izona zonke izinhlanga. ECape Town sivotelwe kakhulu emalokishini okuhlala kuwo abantu abamnyama. Sikhule kakhulu ezindaweni ebesiphethe kuzo. Ngiyaziqhenya ngomsebenzi esiwenze kuMasipala waseMngeni. Ngokudlula sanqoba ukhetho ngamavoti angu-44 kodwa kulokhu sinqobe ngamalengiso. Lokhu kukhombisa ukuthi abantu bayabona ukuthi omasipala abaphethwe iDA benza kahle." UHill-Lewis uveze ukuthi iDA ikhombise ukukhula komasipala abakhulu bakuleli. Izibalo zakamumva zikhombisa ukuthi iDA iyona kuphela ezokwazi ukuphatha ngokuzimela umasipala owumkhandludolobha kuleli nokumasipala waseCape Town. Iphinde izihole phambili komasipala abayimikhandlu dolobha abane okuMasipala waseJohannesburg, owaseTshwane, owase-Ekurhuleni nowaseNelson Mandela Bay. UHill-Lewis uveze ukuthi bathole amavoti angu-1 million ezindaweni zabantu abamnyama. UHill-Lewis uthe balindele ukunqoba amawadi amasha angu-105, baphinde babe namakhansela amasha angaphezu kuka-200. UHill-Lewis uthe ukwenza kahle okhethweni kubenza babenethemba lokuthi bazokuba yinkinga okhethweni lukazwelonke oluzokuba ngo-2029. "Izinto ziyasivuna. Kusele kancane sifeze iphupho lethu lokuba iqembu elikhulu lapha eNingizimu Afrika." UHill-Lewis uthe balindele ukuthi omasipala abangu-140 kuzwelonke babuswe ngokubambisana. UHill-Lewis uthe bazimisele ukuxoxa nawo wonke amaqembu komasipala okungekho kubo iqembu elithole izihlalo ezanele ukubusa ngokuzimela. "Sesiqalile ukuhlela imihlangano nabaholi bamaqembu ahlukene. Usihlalo womkhandlu weDA useqalile ukufonela abaholi bamaqembu ahlukene nami sengiqalile ukuxoxa nabanye abaholi bamaqembu." Kukhona amaqembu avele asekubeka kwacaca ukuthi angeke asebenzisane neDA. UHill-Lewis uthe abakugqizi qakala ukuchayiswa amaqembu okubalwa kuwo iMKP. "Anginendaba nalokho. Ilungelo labo ukuba bakhethe amaqembu abazosebenzisana nawo. Nathi vele kukhona esizobachitha. Angifuni ukusheshe ngibachithe okwamanje singakaxoxi nabo. Ngibafisela inhlanhla labo abathi abafuni ukubambisana nathi." UHill-Lewis uthe akanendaba nokushiwo usihlalo kazwelonke we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, othe abaziboni bebambisana neDA komasipala. UHill-Lewis uthe unethemba lokuthi umholi we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uzozibambela mathupha ezingxoxweni zokubusa ngokubambisana. "Lezi zingxoxo azibafuni abantu abathatha ngenhliziyo. Izingxoxo zifuna abaholi abavuthiwe emqondweni."

También lo cubren: Isolezwe.

🔗 Leer la noticia completa en Isolezwe (Sudáfrica)

Ver más en News Today